

IGODA LIKAMPANDE                       81

baza ubuhle bezinkomo, bebabaza nomusa omkhulu wenkosi
ngokubapha zona. 0Mathunjana nonxagwana sebehlatshiselwa.
Kwaba kuhle kwadelisa.
Sekuthi lapho sebephindela emuva, umpande usebonga futhi, ethi kabafike bamtshene umfowabo udingane ukuthi uyeza, uzozibongela izinkomo Iezo.
Sebeharnba-ke onxagwana nomathunjana.  Bathe besithela ngale kwegquma, umpande usebopha konke okwakhe, eqoqa zonke izinkomo, nabantu bakhe, nemizi yabo, nanguya ebaleka eqonda othukela.  Wafika waluwela, ewelela esilungwini.
Kulapho-ke uzulu esedabuka phakathi, ehlukana kabili.  UDingane wabanga lena enyakatho; iningiziinu yonke yamuka nompande, yawela uthukela.  Kumhla lokho-ke kudabuka igoda likampande.

Singakadluh lapha ake simbonge umpande: UMpande, umsixnude!
Owavela ngesiluba,
Phakathi kwamangisi namaqadasi; Inkonjane edukela ezulwini; UNowelamuva wawoshaka.  Mdayi!  Sabela kweliphesheya! lzalukazi eziyawusala emanxiweni, Amaxhegu ayawusala emzileni.  Isikhukhulane sikandaba,
Sikhukhule omame, sabetshatha,

Saye sabalaffia ezinkwaziniEzinkwazini zemimfula,
Ezinkwazini zothukela.
UNdaba uwela ngelasedlokweni.
UGagwnanzi angamanzi,
Amanzi odwa azolilala ababaze. lzimvubu zikhexa imilomo,

82	UDINGANE KASENZANGAKHONA

lzingwenya zaphephela ezintabeni,
UMnguni wahlala phansi,
Wavurnisa izindaba ezilukhuni,
Ezikhulunywa kubo kwamalandela.

Wakhanda izihlangu,
Wazikhandela enkarnangeni.
Wakha izindlu ngezinzala zotshani,
Wakha ainagqurna ngoinsingizane,
Wabuza impofana nendaka,
Wathi-uMzirlyathi ngiyakuwubuza ngaphambili kosilevu.
Wathukuthela phakathi kwezirlyanga eziinbili,
Phakathi kukanhlangula nonhlangulana.
Wayophurna phakathi kwedlinza neshowe;

lziqu zernitffi zabheka phezulu;
Waphuma phakathi kukampchlela nomaqhwakazi;
lziqu zen-dttd zabheka phezulu.

INkwenkwezi ephume izilwane zabikelana,
Kubikelana ikhwezi nesilimela.
Gijilnani ngazo zonke izindlela,
Niyobikela umaphitha nothokothoko,
Nithi inipi kayibizwa yithi,
Nithi ibizwa umadela,
Ngowakithi kwamalandela:
Wadela im'kolno.
Wazinika aniadoda;
Wathi kawayornhlabancla;
Wathi ihlathi lokuphephela;
Wathi linjengelasedlokweni;
Wathi lingunongogo.
Ngeqanda elilodwana, ngelakokangotsha
Intonga yethusi,
Eyasala kwezinye izinduku.

IGODA LIKAMPANDE                         83

Abakithi ngibasolile,
INkosi yakithi kabayitshelanga izibuko, Bayiweza ngelezimvubu nelezingwenya.  Isikhotha esisha ethokazi,
Kwaze kwasha esisegundunkomo.

lzulu eliduma phezu kwamaqongqo omabili, Laduma lazithatha izihlangu zombelebele;.  Lazithatha izihlangu zikabulawayo;
Lazithatha izihlangu zezinyosi;
Lazithatha izihlangu zodlambedlu;
Lazithatha izihlangu zikanomdayana;
Lazithatha izihlangu zomgumanqa.

imamba ebamba inamathele, yenyusa ivuna;

Imihlarnbi yamaduna yagugudekaKugugudeka ezawomapliitha,
Kwagugudeka ezawothokothoko;
Owadla izinkomo zawophalane zonkana; EzoMbelebele zamuka nomoya.
USibamba siyaphula, silibhubesi;
Isihlahla somtshungu, sombelebele,
Sigawulwe uxhwana wasembongombongweni.
Amazembe aqundekile.
Umzingeli kadinwa lihawu, Ingani abadala libadinile.

Ube umsinga wasenhla,
EnguMsinga wasezansi.
Intaka-ntsintsi kandaba.
Okade kwasa besisitheka abakwazulu; lzinkomo zayithwala imilomo.  Zaqonda esibubulungu.


u n-sB

84	UDINGANE KASENZANGAKHONA

USiina-yedwa njengelanga,
Lona hma lodwa ezulwini.
USanda-sithebeni njengensonyama.-
UMWophe ophandlayo kithi kwanodwengu.
INkonyane kandaba,
Eyakhula beyizonda;
Njengesixhumu senyamazane,
Isimemezane
Simenyezwa ngamaswazi;
Athi: Zaphela izinkomo ngamaswazi;
Azinquma amashoba,
Azibona ukugeza.
UMpande kazithandi izinkomo
Ezilotshwe ngencwadi;
Ngoba izinkomo ezinencwadi ezamabhunu.
Ubesaqonde kwezikasomcuba.
Uthe engakagezi nokugeza,
Esahlezi nonongalaza nosondoda,
Wayes@thatha isifflangu, eseffloma;
Ngoba yinkosi yakosihlangu.
Khawuleza nkume kandaba-
Uzoflca irnizi emaphetheleni;
NgeyawoDambuza kwantombela;
NgeyawoNdlela kasompisi-
Ungabafunyanisa behlezi endhni,
Besakha izithanga,
Ufake umkhonto entombini, uwufake endodeni;
Kuyaya kwahlathikhulu.
Sekulutshongolo.

INDIKIMBA XVIII
EYASEMAQONGQO
Lithe ukuba lidabuke igoda, umparide awelele ngaphesheya emabhunwini, kwase kuba ukufa kwelakwazulu: kwaba ukuzigwaza kwakhe udingane ngomkhonto ayethi uzogwaza ngawo umpande.

Ukufa kwelakwazulu empeleni kwasukela mhla udingane ngobunyoka bakhe ebulala amabhunu emgungundlovu, ethi eze kuye ngobuhle phela.  Noma kambe sizwa kuthiwa ogqayinyanga yibona abawacebayo enkosini, bathi ahamba ebusuku enyonyoba, lokho kakusivikeli isenzo esibi sikadingane sokuwabulala ngesigungu.  Kumhla lokho-ke ukuphela kwezwe lakwazulu lapha kwaqala khona: kwasukela mhla kwalokho, kabuyange esahlala ngokuthula udingane.  AmaBhunu aba naye qho!  Ewavika emini nasebusuku.  Nakhu nanihla nje sekudabuka igoda kwazulu, umpande esebalekela kuwo amabhunu lawo nabantu abaningi bakwazulu.  Kw@iba sekuwukuphetha njalo lokho kombuso kadingane.
Uthe eluwela nje uthukela, umpande nabantu bakhe nomhlambi wezinkomo, babetheleka kwelinye ibhunu elalidoba enhla nomfula.  Bazibika kulo abeze ngakho. lapho.  Lethuka nalo lapho libona unikhosi ongako uwela uthukela, uwelela ngasesilungwini.  Laya kobikela amaiiye ukuthi nangu umpande nabantu bakhe, uthi usezokhonza emabhunwini, ubalekela umfowabo udingane.  Athe ukuba akuzwe lokho amabhunu, athwala izandla athi:
"Ngomunye ub.hongoza lowo.  Kabulawe!
"Qha bo," kukhuza amanye.  "Kezfle Iona okukabhongoza.
Uze ngobuhlobo impela.  Kaniboni yini abantu abaningi kangaka

85

86          UDINGANE KASENZANGAKHONA

eze nabo, kuxubene nabesifazane nabantwana.  Futhi uqhuba iinihiambi yezinkomo, athi phela uzozikhonzela ngazo."
Athi amanye amabhunu akudliwe zona izinkomo Iezo, eze nazo yena nabantu bonke bakhe badutshulwe ngesibharnu,

babulawe.
Qha, lingavunywa nempela lelozwi.  AmaBhunu amaningi athi, kanikwe ithuba umpande lokuveza obala ubuhlobo bakhe, kodwa ahlale elindiwe, angagili umkhuba kabhongoza.
Athi amanye "Qha, liqili leli, kalibulawe: uma umpande eze ngobuhle, kwaleni ukuba athi esengaphesheya kothukela, engakaluweli nje nempela, athumele izwi emabhunwini, acele ubuhlobo, ezwe kuye kuqala ukuthi uthini kadukuba awelele

ngaphesheya?
Wazi kahle kamhlophe ukuthi uthukela umncele owaniiswa ngamangisi inffia ezolamula uthuthuva phakathi kukadingane nainabhunu, athi lungewelwe ngumuntu wakwazulu uma engaphethe iphasi elimvumelayo ukuba awelele ngaphesheya."
Abuza-ke ukuthi umpande uluwele kanjani yena uthukela

engenayo leyo ncwadi.
Akhuza amanye athi, phela uyabaleka, kasikho isikhathi sokufuna izincwadi z@analungelo nxa umuntu esukelwa ukufa.  Futhi akhomba nezinkomo ezigcwele ithafa umpande eze nazo.  Pho, emabhunwini izinkomo zdbe ziyifa.
Ayi-ke, aphetha ngokubohla nalawo ayengavunii nempela ukuba umpande amukelwe okwesihlobo.
Athe ukuba afike kuye, wathi umpande uze nazo izinkomo Iezo udingane okwakuthiwe kazikhiphe mhla amangisi elamula, kodwa kazavuma: wathi, "Yizo Ieziya, makhosi!

Wazikhomba zigcwele ithafa.
Wagaqa ngamadolo naye umpande, ezicelela ubuhlobo emabhunwini, ewathembisa obakhe naye uma emgodla ngaphansi kwekhwapha lawo.
Wawethembisa ukusiza kwakhe namabutho akhe uma efuna, manxashana eyohlasela udingane.

EYASEMAQONGQO                           87

Kuthiwa-ke wawethembisa nokuthi yena kayukubaphatha kalukhuni abantu bakhe nxashana ainabhunu embeka ebukhosini, esho nokusho ukuthi yena kazukulichitha igazi.
Athokoza amabhunu ngalokho, asethi kuye:
"Uyabona-ke Mpande, siyakwamukela wena nabantu bakho.  Sifuna-ke ukuba ugcwalise amazwi akho lana owakhulumayo; ukuze-ke uphathe kahle umsebenzi wakho uqhube kahle, khetha amadoda amathathu lapha kubantu bakho, kube yiwona azokusiza, abe zinduna zakho."
Enye yazo kwakungumpangazitha, owayeyinduna kadingane.  Wabamisa umpande bobathathu, ukuba kube yibona abeluleki bakhe.

Kanti kwabanye abalandela inkosi umpande isenzo sakhe sokumisa umpangaziiha kasithandekanga nempela.  Bakhononda kakhulu labo.

"Wenzeleni umpande ukuba abeke umuntu owayeyinduna kadingane esikhundleni esikhulu kangaka na?  Ubashiyeleni obani laba, nosobanibani 'labaya?  Ingathi thina siinlandele, samshiya udingane; pho kasasikhethi ngani thina?  Wazi kanjani ukuthi umpangazitha Iona kazukubuyela kudingane agqabule elinye igoda futhi na?
Babuzana bodwa ngasese kanjalo.
Kwase kusuka izmsizwa ezithukuthelayo, zithatha izinduku zazo ziqonda lapho el-dala khona umpangazitha.  Zamdumela zamkhiphela ngaphandle, zamphihiiza ngezinduku, wafela khona lapho.
Ukufa kukampangazitha kakwaba lutho emabhunwini, ngoba engabulawanga ngumpande.
Hayi-ke, kwase kuhlalwa-ke, sekwenziwa amalungiselelo okuba kuhlaselwe kudingane.  Kwathiwa impi kampande neyamabhunu izohamba iyovimbezela udingane ngemizda -eniibili, ihlangane phainbili.
Sasingekho-ke manje isizathu esithi amabhunu kawahlasele udingane, kodwa asithola obala.

88          UDINGANE KASENZANGAKHONA

Sishilo sathi uthuthuva lwamabhunu nodingane lwaze lwal@myulwa ngamangisi evela ekipi, anquma ukuba uthukela lube umneele ohlukanisa udingane namabhunu-kungawelwa nempela ngaphandle kwenewadi yokuvuma; futhi kwanqunywa ukuthi udingane kahlawule emabhunwini ngezinkomo ezingaka: 40,000 awesule izinyembezi zezenzo zakhe ezimbi azenzile, nangokuthumba kwakhe izinkomo zainabhunu.  Kakwenzanga lokho udingane ukubuyisela umhlambi ongako wezinkomo: kodwa umncele kaweqanga.  Umncele weqiwa yiwo amabhunu kuqala, ngebhaxa lokuthi kazilethanga udinyane izinkomo Iezo zesivumelwano.
Atffi futhi wona azimisele ukuba amsuse udingane ebukhosini asuse nezinduna zakhe onzobo nondlela.
lzinhloh zakhe ziyambikela ukuthi.amabhunu asehlangene nompande, ayeza, azokul-dasela, ahlome aphelele.

UDingane wazibona esephakathi kwetshe nembokode!
Indawo yokubaleka kayisekho.

ENyakatho angeze nempela abalekela ngakhona, ngoba nanko amaswazi ainbheke ngamehlo abomvu.  Phela nawo wayekade ewahlasele, ewaphethe kabi.  Nawo ayesakhalela lgazi lakhe.
E Ningizimu-yaseNtshonalanga kwakuvimbe amabutho kampande; namabhunu ayeza nganeno ezomhlasela.
ENyakatho ngasentshonalanga kwakuvimbezele abakwaMzilikazi kamashobana.
Itshe nembokode!
Waze wakuzwa namfflanje udingane ukuba phakathi kwetshe nembokode.  Wawakhumbula amazwi amangalisayo kashaka okuthi, "Ningibulala nje, kaniyikulibusa.  Ziyeza izinyoni!  "
Nazo-ke izinyoni!
Wajuluka waba manzi umfo kasenzangakhona.  Ujulukiswa uvalo manje!

EYASEMAQONGQO                          89

Wabiza unzobo kasobadli wakwantombela, owaziwa ngokuthi udainbuza.  Wathi kuye:
"Nzobo, ngiphakathi kwetshe nembokode."
"Ngiyezwa Ndaba."
"Ngithi hamba Nzobo, uthathe usikhombazana niye emgungundlovu niyongicelela emabhunwini ukuba akenze kahle, nithi ngizimisele ukwenza noma kuyini athi mangikwenze.  Ngifuna lokho.  UNdlela uzosala lapha, ngoba nguyena ozophatha amabutho."
Ahambe-ke unzobo nosikhombazana, baqonde emaBhunwini.  Baflke khona bawatshele ukuthi inkosi itheni.  Kulapho-ke amabhunu esezoveza ubuhlungu bezinhliziyo zawo.
Aseyababamba bobabili, ebabuzisisa ukuthi bayizithunywa nje kuphela na.
Ayesenza into engenziwa nempela ngisho kubantu.  Umuntu oyisithunywa kanalo icala, futhi kaphathiswa okwenhloli: uphathiswa okwesihlobo, kuthi lapho kungezwakali eze ngakho, atshenwe, abuyele lapho evela khona.  Kabulawa.
Nanko-ke wona amabhunu ebabafnba onzobo nosikhombazana, sengathi zinhloli, ebabopha.  Aseyabaqhuba kanye nempi yawo ezohlasela udingane.  UNzobo ainbopha ngamaketango.
Wezwa udingane ukuthi unzobo nosikhombazana baboshwe ngamabhunu, ayabaqhuba eza nabo nenkulu impi.  Usezwile futhi ukuthi ekampande iphethwe ngunongalaza kanondela wasemanyandwini, iqhawe elikhulu lempi.
Washiya yonke impi yakhe lapho udingane; wayishiya emaqongqo, iphethwe ngundlela, yena wabaleka wayobhaca ngasemagudu ngasophongolo.
Uthe engakabaleki ukuyobhaca udingane wabiza undlela induna yempi yakhe yonke, wathi kuye:
"Ndlela, iinpi kampande iyeza, futhi iza flandelwa ngeyamabhunu.  Kangiboni ukuthi singabuye sibhekane nwnabhunu

90	UDINGANE KASENZANGAKHONA

nezibhamu	zawq.  Kodwa nxa kuze ekampande yodwana,
sizoyahlula	uqobo.  Ngithi uzwile ukuthi unzobo nosikhornba-
zana ababambile amabhunu-ngizwe ngezinhloii zanii ukuthi ayabaqhuba, eza nabo nganeno."
Ethuke lapho undlela, athi:
"Ithini inkosi?  Isithunywa sike siboshwe yini empini, lokhu sona sisuke sithunyiwe?
Ahleke udingane, athi:
"Kangazi nami phela ukuthi eyabamhlophe lena iliwa ngaziphi izindlela.  Thina besingazi ukuthi isithunywa esithunyiwe si abanjwa.  Kakulutho lokho Ndlela: nantu udaba olukhulu.  Impi yonke isemandleni akho manje. lzophathwa .nguwe yonke.  EkaMpande iphethwe ngunongalaza kanondela.  Kodwa uyomahlula uma wenze lokhu engikutshena khona.

Lalelisisa impela, Ndlela."
Asondele undlela, alalelisise.
Kepha umuntu owayebhekisisile wayengabona enye into elokoza emel-dweni kandlela, kulokoza umlilo ongajayelekile nempela emehlweni akhe: kakusilona uvalo, ngoba undlela wabeyiqhawe lempi: kakusilona nothando lokujabulela ukulwa iinpi.  Pho, kwakuyini eyabilokoza emehlweni akhe na lapho udingane ethi impi yonke yakhe izophathwa nguye?  Sizobona

phambili.
UDingane kasolanga lutho emehlweni kandlela.  Ingabe yena uqobo lwakhe udingane wayephethwe uvalo yini?  Kasazi.

Sizobona phambfii.
"Bheka-ke Ndlela," sekuqhuba udingane, ibunzi lakhe lifiphala, "ngithi impi yami iphake kanjena-iphake ngezimpondo zonkana kanye-kanye, Ndlela.  Angithi uyezwa, Ndlela?  Kanyekanye yonke.  Ngizwa ngezirlhloli zithi ekampande neyamaBhunu iza ngernizila emibili.  Kawuzukuhlangana nayo yonke kanye-kanye.  Ngithi amabhunu azophaka ekampande kuqala, wona eme alindele okuvelayo kuleyo andukuba avele enze akwenzayo.  Ngifuna-ke wena eyami uyiphake yonke, ungayi-

EYASEMAQONGQO                          91

qede yonke ekampande kanye: siyicime bese bambi, ukuze siyi

sidlulela kweyamabhunu.  Angithi uyezwa, Ndlela?
"Ngiyezwa, Ndaba." Kwasho undlela ngezwi elingemnandi, amewo akhe elokoza futhi infflansi yomlilo.  Kodwa kaze akubona lokho udingane, futhi kalinaka nje nezwi likandiela ukuphola kwalo.
Kanti undlela lukhulu aluqondile emaqongqo!
Athi ukuba aqede udingane ukuyala undlela abuyele lapho ebhace khona, athi kundlela makayiphake impi, lokhu yabe

isiqhamukile ekampande.
Sizoyibona rnanje into cyabiyaluzisa undlela lapho ekhuluma nenkosi.  Sizoyibona futhi into eyenza ukuba amehlo akhe
alokoze umlilo, kube sengathi unovalo.
Yafflangana-ke emaqongqo, lapho kwakhala khona isibhamu sainabhunu sathi nqo-nqonqo, nqo-nqonqo.
Ithe ukuba iwangane kwamnyama emini.  Kanti undiela uyibambile impi kadingane.
Kalenzanga izwi likadingane.
Uyibambile, waphaka izinyosi nodlambedlu kuphela,
yonke impi lena wayibamba.
Kazi Ndlela ukwenza nje lokho uqondeni?  Kazi ukwenza nje uqonde ukusindisa umpande, ubulale udingane na?
Phela sekuyinkathi yesithathu lena undlela esindisa umpande kudingane.  Okokuqala kumhla udingane ebulala bonke abafowabo ngaphwnbi kokubusa kwakhe.  Kwathi lapho udingane esefuna ukumbulala nompande, wazomkhalela undlela, wathi:
"Kahle, Ndabezitha, ukubulala isilima sakwenu.  Yini yona umpande ongaze ufune ukumbuiala?  Siyeke isflima sakho, Nkosi.  Kakumuntu walutho, yichoboko."
Wasinda-ke umpande kudingane, esindiswa ngundlela.

Okokuqala lokho.
Okwesibili sesifundile ngakho, okwalandelwa ukudabuka

92          UDINGANE KASENZANGAKHONA

kwegoda.  Phela udingane wabiza umpande emva kokulilasela kwakhe udingane, ehlasele kwangwane, wathumela izwi kumpande wathi keze namabutho akhe azomsiza.  Kazeza umpande.
LTDingane wasethuma onxagwana nomathunjana, ukuba bayise izithole ezikhulupheleyo kumpande bathi inkosi iyamxoshisa, ithi kasenge avube adle; lokho ekwenza udingane ngoba eqonde ukuba athi lapho umpande ethi uzobonga umusa wenkosi afike abulawe.
Nalapho undlela wamsindisa umpande.  Wenza icebo lokumvimbela ukuba angalokothi athi uzobonga Iezonkomo azipffiweyo.  Nguye uqobo undlela owathi umpande kawelele emabhunwini ayokhonza kuwo.  Nakho-ke sekudabuka igoda!

Okwesibfii lokho.
Okwesithathu okwanamuhla.
Useyiphaka impi ingaphelele namhlanje undlela, enzela ukunika umpande ithuba lokunqoba, ehlulwe udingane.  Impi lena ibambene ngezimpondo ezimbili kuphela, ngoba phela nansi uyibambile undlela.
lzinfflangothi zimbili kuphela-olwasekunene nolwasekhohlo.

Yaphathana kwakubi impela.
Kuthe ilanga seliya ngomutsha wendoda yagqibuka ekampande ngakwesobunxele, ixoshwa ngekadingane.  Kuthe kusemnandi kwabakadingane, yagqibuka nekadingane ngakwe-

sokunene, ixoshwa ngekampande.
Yathi ibaleka iqonda ngaphaya ekampande, yabibaleka futhi iqonde ngalena nekadingane.  Lena kadingane exosha ekampande iphethwe ngusonsukwana kagqwashaza, kulwa kuyo iqhawe clikhulu unozishada kamaqhoboza.
Sizobuya sizwe ngaye okamaqhoboza.
Yasukelana yonke nhlangothi zombili, laze lashona nya

ilanga, kwaba mnyama.
Ithe ibuya ekampande ngalaphaya, yabibuya nekadingane
ngalaphaya:	sekuhlwile manje kayisabonani nempela.  Nanso-ke

EYASEMAQONGQO                         93

isidumelana khona lapho ihlangene khona, isigwazana ngemikhonto idilizelana phansi.
Kulapho-ke sekuzokufa usonsukwana, omunye wamaqhawe akwazulu.
Kulapho-ke sekufa khona unozishada kamaqhoboza, iqhawe elesabekayo.  Ngenxa yobuqhawe bakhe, nokulwa kwakhe okuyivelakancane, sizozwa futhi ngaye yedwa kulendikimba esesiya kuyo.
Yaxoshwa-ke ekadingane lapho.
Ukuphela kwayo lapho eyasemaqongqo.
Sesizoxoxa manje ngezigigaba zasemaqongqo, sfiande ngokufa kukandlela, nokufa kukanozishada, nokukanzobo, nosikhombazana, andukuba silandele inkosi udingane, silande ngokufakwakhekwa. atli"lu

92            UDINGANE KASENZANGAKHONA

kwegoda.  Phela udingane wabiza umpande emva kokufflasela kwakhe udingane, ehlasele kwangwane, wathumela izwi kumpande wathi keze namabutho akhe azomsiza.  Kazeza umpande.
UDingane wasethuma onxagwana nomathunjana, ukuba bayise izithole ezikhulupheleyo kumpande bathi inkosi iyamxoshisa, ithi kasenge avube adle; lokho ekwenza udingane ngoba eqonde ukuba atlij lapho umpande ethi uzobonga umusa wenkosi afike abulawe.
Nalapho undlela wamsindisa umpande.  Wenza icebo lokumvimbela ukuba angalokothi athi uzobonga Iezonkomo azipl-liweyo.  Nguye uqobo undlela owathi umpande kawelele emabhunwini ayokhonza kuwo.  Nakho-ke sekudabuka igoda!
Okwesibfii lokho.
Okwesithathu okwanamuhla.
Useyiphaka impi ingaphelele namhlanje undlela, enzela ukunika umpande ithuba lokunqobal ehlulwe udingane.  Impi lena ibambene ngezimpondo ezimbili kuphela, ngoba phela nansi uyibambile undlela.
lzinhlangothi zimbili kuphela-olwasekunene nolwasekhohlo.

Yaphathana kwakubi impela.

Kuthe ilanga seliya ngomutsha wendoda yagqibuka ekampande ngakwesobunxele, ixoshwa ngekadingane.  Kuthe kuse-

mnandi kwabakadingane, yagqibuka nekadingane ngakwe-
sokunene, ixoshwa ngekampande.
Yathi ibaleka iqonda ngaphaya ekampande, yabibaleka futhi iqonde ngalena nekadingane.  Lena kadingane exosha ekampande iphethwe ngusonsukwana kagqwashaza, kulwa kuyo iqhawe elikhulu unozishada kamaqhoboza.
Sizobuya sizwe ngaye okamaqhoboza.
Yasukelana yonke nhlangothi zombili, laze lashona nya ilanga, kwaba mnyama.
Ithe ibuya ekampande ngalaphaya, yabibuya nekadingane
ngalaphaya:	sekuhlwfie manje kayisabonani nempela.  Nanso-ke

EYASEMAQONGQO                        93

isidumelana khona lapho ihlangene khona, isigwazana ngemikhonto idilizelana phansi.
Kulapho-ke sekuzokufa usonsukwana, omunye wamaqhawe

akwazulu.
Kulapho-ke sekufa khona unozishada kamaqhoboza, iqhawe elesabekayo.  Ngenxa yobuqhawe bakhe, nokulwa kwakhe okuyivelakancane, sizozwa futhi ngaye yedwa kulendiki-inba esesiya kuyo.
Yaxoshwa-ke ekadingane lapho.
Ukuphela kwayo lapho eyasemaqongqo.
Sesizoxoxa manje ngezigigaba zasemaqongqo, silande ngokufa kukandlela, nokufa kukanozishada, nokukanzobo, nosikhombazana, andukuba silandele inkosi udingane, silande ngokufa kwakhe kwahlathikhulu.

INDIKIMBA XIX
UKUFA KUKANDLELA
Kakumsizanga ngalutho undiela ukubamba impi yenkosi udingane, ngoba naye wayesezulelwa ngamanqe.

UNdlela Iona uzalwa ngusompisi, usompisi uzalwa nguGuqa, uguqa uzalwa ngumsalela, umsalela azalwe nguNomashingila.

USompisi Iona wabeyinceku yenkosi usenzangakhona, inkosi imthanda kakhulu ngobungcweti bakhe ekoseni izinkobe nokupheka inyama ibe mnandi yehle esiphundu'
Ukosa kwakhe kahle izinkobe zenkosi kwaze kwamtholela isithakazelo sokuthi ngunkobe.

USompisi Iona wafika kwazulu ehamba nabantabakhe abathathu, undlela Iona esikhuluma ngaye lapha nogqwashaza, nendodakazi yakhe.  Wafika wazikhonzela kusenzangakhona nabantabakhe labo.  Kwathi ngokwazi kwakhe ukupheka nokosa izinkobe washesha ukuba igugu enkosini, yayisimenza inceku njalo.
UNdlela wayelama ugqwashaza.  Lokho kakwenzanga lutho lokumvimbela ekuzibonakaliseni ubuqhawe bakhe obungandile.  Yibo ubuqhawe lobo obamenza azabonwe nangushaka, inkosi cyabithanda amaqhawe.  Iziinpi zonke zikashaka zaziliwa nguye undlela, ezilwa njengonozishada elwa ezikadingane.
Pho, lokhu kwazulu ubuqhawe babuyinto enkulu!  Kwathi kungakadluli izinyanga eziningi undlela elwa izimpi zikashaka lafika izwi enkosini lobuqhawe bakhe.  UShaka wathokoza wazinge embheka ngeso elihle, emxoshisa nangezinkomo.  Sizwa kuthiwa kwathi ekugcineni ushaka wambeka undlela ukuba

94

UKUFA KUKANDLELA                        95

aphathe isigodi esikhulu esiphakathi kwemfongosi nempaphala.  Waba yinduna yaso okasompisi.
Ubusa nje udingane undlela useyisandla sikashaka, waziwa yizwe lonke ngobuqhawe bakhe.  Naye udingane uthe ukuba abuse, kazamgudluza undlela esikhundleni ayebekwe kuso ngushaka, kwazise ukuthi naye wabewathanda amaqhawe.
Kulapho-ke sekubusa udingane lapho igama likandlela nelikadambuza unzobo selizoba sematheni njalo.  NamaBhunu ayemhalazela kakhulu, kwazise ukuthi yibo nonzobo okuthiwa babelokhu belola udingane, bethi makenze ukugcweleza kwakhe.
AmaBhunu abulawa isamuku (isimuku) nje emgungundlovu mffla kufa upict Retief nabalandeh bakhe-nguye undlela nonzobo ababefflose ukuba udingane awaqede nya, bamnyenyezela okushiwo ngogqayinyanga, bathi amabhunu anyonyobela umuzi wenkosi kusihlwa: mawabulawe isamuku.
Kwenziwa lokho.
Nguye-ke lowo undlela iqhawe elikhulu likashaka nodingane.  Namhlanje arnanqe ayesezulela yena uqobo.
Sebeflka kudingane ababaleke empini, sebethi:
"Hawu, Nkosi, sahluliwe.  UMpande usahlule kabi, wayiqeda yonke impi yakho.  Basele khona nje osonsukwana kagqwashaza.  Asele khona onke amaqhawe enkosi!
Usethuka udingane, eshaywa luvalo, usethi:
"Uplii undlela?
Kwaphendula abantu, bathi, "Uyeza, Ndaba."
"Impi yami kanti uyiphake kanjani undlela?  Nithi uyiphake njengokusho kwan-d njena na?
Balandula bathi, "Qha, Nkosi-1 kayiphakanga njengokusho kwenkosi.  Uyibwnbile yonke impi, waphaka izinyosi nodlambedlu kuphela, nazo izinyosi kaziphaka zonke.  Nguye osibulele, Nkosi."

Mamo! athukuthele athelwe ngamanzi udingane, ahluleke

96            UDINGANE KASENZANGAKHONA

nokukhuluma.  Ibunzi lakhe lijuluke libe manzi, kwehle izithukuthuku.

"Nithini, Zulu?  Nithini, Zulu?  " Usede ephinda nje, ubulawa ukuthukuthela.  Usahluleka nokukhuluma.  Baqale ukwethuka labo abamlethele izindaba.  Bahlehlele nyovane, bebhekene ngeziqu zamehlo.
"Kanti uyibambfle impi undlela?  Uyibainbele umpande!  Yikho lokhu ekade ngangikusho ngithi umpande Iona kabulawe, undlela enqaba.  Nguye undlela Iona obedane ethi kangabulawa umpande ngoba yisilima 'e esingenamkhuba, kanti ufuna ni
ukubeka yena ebukhosini abulale mina!  " Usekhihliza amagwebu ngomlomo udingane wulaka, ainehlo asegoloza nje.

Usefika undlela, uflka uzithela kudingane esakhihliza amagwebu njalo, usefana nesilo.

Marno!  Wanela ukumbona nje kwathi makafe nokufa udingane.  Wamemeza ngezwi elikhulu, selivevezela ukuthukuthela, wathi:

"Mbainbeni lomthakathi!  Mbambeni nirfflethe lapha kinii."
Bamdumela, bainsondeza enkosini.

"Ndlela, kanti ubamba impi yami, uyibambela umpande?
"Qha, Ndabezitha, bengitffi. . ."

"Ubuthini?  Ubuthini, Ndlela?  Kangishongo yini ukuthi ungayibaffibi impi yami, ngathi uyihambise ngainakhala onke na? "

"Ushilo, Ndaba, nan-d bengisalinga elinye isu nje, ngitffi . . .

"Ulinga elinye isu, Ndiela, elami bese lahlulekile yini?  Elaini isu bese lahlulekile Ndlela?

Usecimeza amel-do, usenyakazisa un-domo kancane ingabe wayekhuleka emathongweni akubo yini?

Wasegxuma esihlalweni sakhe udingane.  Wagxuma waphonseka kundlela, sengathi uzomshaya amlahle phansi: wabuye wazibamba.  Usehleka.  Useffiekisa okukashaka lapho ezobulala

UKUFA KUKANDLELA

abantu.  Usehleka engahleki nempela.  Yizwi lakhe nje kuphela okusengathi liyahleka.  Ubuso bonke namehlo kahleki.
Abantu bakhothama beshaywa luvalo bonke.  Sebekliuleka ukuba amadlozi akubo abalondoloze.
Usekhuluma futhi udingane, ethi:
"Mbopheni ngentambo entanyeni nhnklinye ngayo aze afe umthakathi.  Mklinyeni kancane, kancane, kancane, kancane ukuze urnoya wakhe uphume kancane, kancane, kancane, kancane, uze uphele uthi nya!  Nimthathe nimphonse phandle, adliwe zilwane!  "
Lafa kanjalo-ke iqhawe elikhulu lakwazulu, undlela kasompisi kaguqa kamsalela kanomashingfla.
Wafa undlela, efela umpande!








Ukufa KukaNdlela.

INDIKIMBA XX

UKUFA KUKANOZISHADA

Kasekho undlela kasompisi.
Ake sizwe ukufa kwaleliqhawe lenkosi elafa emaqongqo, lafa Elwa impi eyesabekayo.  Lagwaza laza lavuvuka izingalo zombili.

UNOZISHADA KAMAQHOBOZA, WAKWANZUZA

UMziqomela, njengesilwane.
UNqamula abantu amaqambi.
UGebhuz'izulu!
UNgogo zabantu nezezinkomo; UMahlungulu-ngodweni!
UMali wendima, kanti uyazalela.
USehla ngendawana yakhe yedwana.
UMgwazi weziqananazana.
UNyawo lungangendlu yakwabo kwamasicazana.  UManqe bathi adlani ngalapha kwaleziya ntabaAdl'abantu bakanozishada kamaqhoboza.  UCakide ozikhohlokhohlwana.
UNtaka iduke nomhlambi,
Ngoba iduke nezakwamzilikazi.
UNompanda-mthomba wezisele.
UNtamo kayidinwa yiziqu,
Njengabo bonke zibadinile-
Ubehlangabeze uzulu emaqongqo,
Kwaze kwabuza undiela

98

UKUFA KUKANOZISHADA                         99

Wathi, "Uzawubamba impi,
Mfana kamaqhoboza na?
Wathi, "Nansi eyanii,

Engizawubamba kuyo!
Wayesethi, "Kepha ngiyakhala,

Ngoba ngibona nje,
INkosi isilethele abafana,
Angibaboni engizawukulwa nabo,
Ngibona abafana bodwa!  "

NguNozishada-ke lowo: unozishada kamaqhoboza kambekelo.  Ngamaqhawe onke lawo.
UNozishada naye izimpi zonke ezinkulu zikadingane wayezilwa.  Yibo phela onozishada ababegwaza mabhunu. ophathe.  Nguye. futhi owayekhona kwanobamba.  Zonke iziinpi zenkosi ezinkulu wayekhona kuzo okamaqhoboza.  Usebuthweni lodlambedlu lapho ayehlabana khona kuze kuvuvuke izingalo
zombili.
Nakuyo yasemaqongqo lapho afela khona unozishada walwa impi eyesabekayo, engazange iliwe ngelinye iqhawe
kwazulu.
Kwathi ukuba ayiphake undiela impi yenkosi lapho isifflangana nekampande ephethwe ngunongalaza, wahleka unozishada: wahleka maqede walungisa izikhali zakhe.
Uthe lapho ebuza undlela ukuthi uhlekani, waphendula wathi unozishada:
"INkosi isilethele abafana.  Kakusiyo impi lena engaliwa
yithina bothina nje."
Kulapho-ke esezokulwa impi yakhe yokugcina undlela:
alwe impi eyesabekayo.
Ithe lapho idumelana, kaze abakho owabuza ukuthi unozishada Iona ufike nini phakathi kwayo; ngoba phela unozishada wayebulawa izinyawo zivuvuka.  Ithe idumelana nje babemuzwa esekhuza phakathi kwayo, esegwaza okohlanya: sebede bezwa izwi lakhe nje lithi: "Ngadla!



U-E

100          UDINGANE KASENZANGAKHONA

Uthi "Ngadla" nje, ubalahla phansi ngomkhonto wakhe.  Owakhe awubuyi nempela ulambatha.  Uhlaba emhloleni.  Lapho ekhona sekuyizinqwaba zezidumbu zabafileyo.  Usephenduke isilo manje.  Usegwaza ngapha nangapha, akhithilele phansi.  Wayisusa yedwana impi ngalapho engakhona, igqibuke ibaleke.
Abuyele ngakolunye uphondo lwayo.  Nalapho agwaze nangakhona, baze babe yinqwaba phansi.  Nangalapho igqibuke impi, ibaleke.
Uthi umkhonto ungasinda engalweni yakhe yokudla, awuphathe ngeyasekhohlo.  Agwaze ngayo izinqwaba.  Ikhathala nje eyokudla, isivuvukele isingangezinyawo zakhe, yenziwa yikho ukuhlabana kwakhe lokho.
lbambene njalo yonke lapho emaqongqo.
Uze ngezinkani unongalaza, ngalaphaya, nempi kampande.  Amaqhawe asefe izinhiangothi zombili.
Kuthiwa wagwaza umfo kamaqhoboza, waze wahlala phansi, wakhokha isigqobela sakhe sikagwayi, wabhema.
Yema impi kampande, yathi dlengelele! -ibona unihlola onjalo.
lyesaba ukusondela kuye, sengathi izothi ingasondela axhuniise okomvundia, aphonseke kubo.
Beme.'
Akhulume okamaqhoboza, iqhawe elikhulu, athi:
1, Sondelani ningigwaze, sengikhathele.  Ngiqoma ukufa kunokubuswa ngumpande." Asho ethatha imikhonto yakhe eyilahla laphaya, ezinza phansi.
Basondela-bamgwaza!
Lafa-ke iqhawe elikhulu lakwazulu, ekade lalizflwa izimpi zenkosi.  Lafa Via impi enkulu kunazo zonke elake lazilwa.  Lafa nabantu abangabalwayo.
Lafela emaqongqo!
UNozishada kamaqhoboza!

INDIKIMBA XXI
UKUFA KUKANZOBO
Sesipffindela empini yasemaqongqo esiyishiye iphathene kunuka uthuli.  Sishilo sathi eyainabhunu nekampande yeza ngemizila ernibili, kayeza kanye-kanye.
AmaBhunu aqhubela umpande phambili okuveza obala ukuthi ayengafuni nempela ukuba kuphinde esikabhongoza kamefu.  Futhi ayeqonde ukuhlola umpande ukuthi imbala uqinisile yini lapho ethi, uze ngoba ezokhonza kuwo.  Ilwa nje ekampande nekadingane, eyamabhunu imise kudebuduze nalapho ilwa khona, alinde ukuphela kwayo ukuze kuthi nxashana afflulwa umpande ayingene wona.
Athe ukuba ezwe ngezinhlolj zawo amabhunu ukuthi yahluliwe ekadingane, asondezela eduze komuzi omkhulu wenkosi, umgungundlovu onduku zibomvu.  Eza njalo aqhuba unzobo nosikhombazana, ababophe ngentambo ukuba bangasipffindi esikabhongoza.
Afika abona umgungundlovu usuvutha ilangabi elikhulu, ushiswa zinceku zikadingane ezabe zikusalele khona lokho ngemuva, lapho zilinde umuzi wonke.  Afika amabhunu an-dsa khona lapho eduze komuzi, asen-dsa "inkantolo" yawo, ezohlola olukanzobo nosikhombazana.  Phela ayesememezele ngezinhloli zawo ukuthi noma ubani oyowabambela unzobo nondlela ayombonga ngomklomelo wezinkomo ezingamashunii amabili evayo: kodwa kawaze amthola undlela; naye unzobo lowo amthola ngesu elingelihle, ambamba eyisithunywa senkosi.
Icala likanzobo abekwa Iona kuleyo nkantolo ngelokuthi nguyena nondlela ababede beyala udingane ukuba enze imikhuba eniibi kubantu bakhe.  Leyo niikhuba yaphetha

101

102          UDINGANE KASENZANGAKHONA

ngokuba aze abulale abafowabo bonke, achithe indlu kasenzangakhona.
Kwatffiwa yibo futhi ondlela nonzobo abenza ukuba udingane abulale arnabhunu kapict Retief kabi emgungundlovu, ethi eze ngobuhlobo kuyena.
Noma udingane wayenenhliziyo embi ybbunyoka, amaBhunu athi yibo onzobo nondlela ababenilola, bemqhubela phainbili ekwenzeni kwakhe imikhuba eniibi leyo.
Nanko-ke amacala kanzobo.
lzwi likanzobo laba linye kuphela.  Wathi:
"USikhombazana Iona yena wenzerii pho?  Mina ngikulungele ukufa, noma kambe ningibambe ngiyisithunywa senkosi: kodwa usikhombazana Iona kenzanga lutho nempela yena-myekeni abuyele ekhaya."
Nanto izwi likanzobo ema Bhunwini.
Alibuyisela ecaleni amabhunu, athi naye usikhombazana unalo icala ngoba uhlangene nodingane: kufanele ukuba afe naye.

Ukumkhalela kukanzobo kakumsizanga nempela.

Kukhulunywa nje, nompande ukhona lapho, uialele, kubuye kubuzwe kuye ukuthi yena uthini.  Naye abalahle bobabili, athi bayizitha zakhe.
As&Mphe-ke isinqumo secala amabhunu, sokuthi unzobo nosikhombazana bazobulawa.
Asebaqhuba njalo amabhunu athile, eshona nabo ngalena kwegquma.  Aflka lapho ababulala.
Bafa.
Wafa kanjalo-ke unzobo.  Kafelanga empini njengoNozishada kamaqhoboza.  UNzobo wafela obala.  Wafisa okukandlela, naye ongafelanga empini phezu kobuqhawe bakhe.  Naye wafela obala ezandleni zabantu.
Lunjalo phela usuku lokufa kwethu; indlela esiyokufa ngayo nalapho siyofela khona kakho okwaziyo konke lokho: kwaziwa ngusomandla kuphela.

INDIKIMBA XXII

IMICABANGO KADINGANE

Bathi abelungu nxa umuntu emuka nomfula uyaye akubone konke. ukuphila kwakhe-okungukuthi uzibona yena uqobo into ayiyo, ngaleyo rnizuzu amanzi emuka naye, azibone obala into abe kade eyiyona emhlabeni, ububi bakhe nobuhle bakhe: zonke izenzo zakhe ezinhle nezimbi zigijima phainbi kwamehlo akhe ngokushesha okukhulu; abone konke ukuhamba kwakhe akade ekuhamba emhlabeni kungakafiki lolosuku lokufa: izenzo ezincane ayezidelele, nainazwi ainancane ayengawanakile-akubone konke lokho sekukukhulu ngendlela emangaUsayo.
Nalapho umuntu esefa kuye kubenjalo ngenye inkathi.
Kuso.bala ukuthi nakuye udingane kwase kufike lesosi-
khathi sakhe.
Ilwa nje impi yasemaqongqo uhleli ulwa nemicabango yakhe yonke: uyazibuza, uyazibuza-abuye aziphendule futhi.  Kodwa kuthe lapho esekhiphe izwi lokuba kubulawe undlela yakhandana imicabango yakhe.  Yakhandana eseboshwe izandla, engasenakwenza lutho, esengumuntu omuka nomsinga.
Wakuphila konke ukuphila kwakhe okudlulileyo.  Uthe lapho ekubona konke ngwnehio enhliziyo wadinga nje @kuthi kwabe kwenzenjani ukuba ayeke- izinto zihainbe ngendlela ezahamba ngayo.  Ingani ushaka wathi lapho efa washo wathi bainbulala nje ngeke babuse nempela, ngoba izwe lakwazulu lohanjwa yizinyoni.  Kodwa phela kwafika enhliziyweni yakhe ukutffi kanakuzisola kulokho ngoba wawabulala amabhunu, walinga ngamandia akhe onke ukuwaqeda.

103

102           UDINGANE KASENZANGAKHONA

ngokuba aze abulale abafowabo bonke, achithe indlu kasenzangakhona.

Kwatffiwa yibo futhi ondlela nonzobo abenza ukuba udingane abulale amabhunu kapiet Retief kabi emgungundlovu, ethi eze ngobuhlobo kuyena.

Noma udingane wayenenhliziyo embi ybbunyoka, amaBhunu athi yibo onzobo nondlela ababemlola, bemqhubtla phambili ekwenzeni kwakhe imikhuba emibi leyo.
Nanko-ke amacala kanzobo.

lzwi likanzobo laba linye kuphela.  Wathi:

"USikhombazana Iona yena wenzeni pho?  Mina ngikulungele ukufa, noma kambe ningibambe ngiyisithunywa senkosi: kodwa usikhombazana Iona kenzanga lutho nempela yena-myekeni abuyele ekhaya."

Nanto izwi likanzobo emabhunwini.

Alibuyisela ecaleni ainabhunu, athi naye usikhombazana

unalo icala ngoba uhlangene nodingane: kufanele ukuba afe naye.

Ukumkhalela kukanzobo kakumsizanga nempela.

Kukhulunywa nje, nompande ukhona lapho, ulalele, kubuye kubuzwe kuye ukuthi yena uthini.  Naye abalahle bobabili, athi bayizitha zakhe.

Asikhiphe-ke isinqumo secala ainabhunu, sokuthi unzobo nosikhombazana bazobulawa.

Asebaqhuba njalo amabhunu athile, eshona nabo ngalena kwegquma.  Afika lapho ababulala.
Bafa.
Wafa kanjalo-ke unzobo.  Kafelanga empini njengoNozishada kamaqhoboza.  UNzobo wafela obala.  Wafisa okukandlela, naye ongafelanga empini phezu kobuqhawe bakhe.  Naye wafela obala ezandleni zabantu.

Lunjalo phela usuku lokufa kwethu; indlela esiyokufa ngayo nalapho siyofela khona kakho okwaziyo konke lokho: ngusomandla kuphela.

INDIKIMBA XXII

IMICABANGO KADINGANE

Bathi abclungu nxa umuntu emuka nomfula uyaye akubone konke. ukuphila kwakhe-okungukuthi uzibona yena uqobo into ayiyo, ngaleyo niizuzu amanzi emuka naye, azibone obala into abe kade eyiyona emhlabeni, ububi bakhe nobuhle bakhe: zonke izenzo zakhe ezinhle nezimbi zigijima phambi kwamehlo akhe ngokushesha okukhulu; abone konke ukuhamba kwakhe akade ekuhainba enihlabeni kungakaflki lolosuku lokufa: izenzo ezincane ayezidelele, nainazwi amancane ayengawanakile-akubone konke lokho sekukukhulu ngendlela emangalisayo.
Nalapho umuntu esefa kuye kubenjalo ngenye inkathi.
Kuso.bala ukuthi nakuye udingane kwase kufike lesosi-
khathi sakhe.
Ilwa nje impi yasemaqongqo uhleli ulwa nemicabango yakhe yonke: uyazibuza, uyazibuza-abuye aziphendule futhi.  Kodwa kuthe lapho esekhiphe izwi lokuba kubulawe undlela yakhandana imicabango yakhe.  Yakhandana eseboshwe izandla, engasenakwenza lutho, esengumuntu omuka nomsinga.
Wakuphfia konke ukuphila kwakhe okudlulileyo.  Uthe lapho ekubona konke ngamehlo enhliziyo wadinga nje ukuthi kwabe kwenzenjani ukuba ayeke izinto zihambe ngendlela ezahainba ngayo. lngani ushaka wathi lapho efa washo wathi bainbulala nje ngeke babuse nempela, ngoba izwe lakwazulu lohanjwa yizinyoni.  Kodwa phela kwafika enhliziyweni yakhe ukuthi kanakuzisola kulokho ngoba wawabulala amabhunu, walinga ngamandla akhe onke ukuwaqeda.

103

104         UDINGANE KASENZANGAKHONA

Konke ayengakwenza kokuzivikela emabhunwini wakwenza-izinyoni lezo ezabikezelwa ngushaka.
Into enkulu kunayo yonke ayengayilindele iyona leyo kampande.  Nayo leyo kwaba sobala ukuthi umpande wabebhekwe ngamadlozi akhe naye, ngoba yena udingane wabefuna ukumbuiala izikhathi eziningi, kodwa wahlulwa yizwi likandlela.  Usedinga manje udingane ukuthi yini eyamenza ukuba ade elalela izwi likandlela: wabenani ukumbulala umpande, abuyisele ecaleni izwi likandlela-khathisimbe abulale yena undlela uqobo.
Imicabango enjena kayisizi lutho lapho izinto sezenzekile ngendlela ezenzeke ngayo.  Umuntu oyisiwula uzisola izinto sezenzekile, adane ethi uma ngangithe ngathi ngathi, ngakwaba nje kwaba njeya kanti kwabe kungasoze kwaba njalo.
Kulula ukul-dakanipha emva kwendaba.
Konke kwabe kugcwaesa izwi likashaka lokuthi kaniyu-

kuhbusa nempela.
Kwaflka kudingane manje ukuzisola ngezenzo zakhe, ikakhulu esokungambulali umpande: kazisola ngesenzo sakhe sokubuiala ushaka nabanye abafowabo bengenzanga lutho.
Yonke lemicabango yakhandana ekhanda likadingane, njengezando zikhandana phezu kwensimbi.  Wajuluka waba manzi.  Waphumela ngaphandle kwendlu yakhe emzini omusha ayebhace kuwona kwanyawo, ehlathini elikhulu.  Usethi lapho ephuma, isikhuza inceku yakhe, undikili kachfio, ethi: "Ungaphumeli ngaphandle Nkosi, kasazi okungabe kucashe phandle, kufuna ukubulaia inkosi!
Useyathuka nempela, usephindela emuva endlini yakhe: izithukuthuku sezimxhopha nasemehlweni iinbala: kasaboni kahle.

Useyaphuma njalo undikili, uqalaza phandle ukuthi kabakho yini abayibonile yini inkosi iphumela ngaphandle, kaze

abona lutho.  Wabuyela endlini.

IMIC,ABANGO KADINGANE                    105

Kakusekuhle nempeta lapho ekhaya.  NoMndlunkulu usude ukhalela phansi; usuyesaba.  Sekusobala ukuthi inkosi ifike kwamtshekula namhlanje.  Amehlo ayo awasahlangani nempela nawabantu, ngisho nomndlunkulu kayisawubheki.  Phela izwi selifikile lilethwa yizinhloii lokuthi amabhunu asawufuna umkhondo wenkosi, kawakadeli neze:. athi ayodela lapho eseyibambe ngezawo izandla, ayibulala.

Usehiala phansi udingane, ecabanga:
UShaka, udingane, umpande!
Lawamagama agqama k'akhulu enhliziyweni yakhe, amenza abheke emuva ekuzalweni kwabo bobathathu, nangokwethiwa kwabo ngamagama abo.  Ukucabanga kwakhe kwahlala egameni likashaka.
Yebo, lelogama lagcwaliseka impela ngazo zonke izenzo zikashaka: ngoba walishakazisa lonke izwe, wachitha abantu ababehleli ndawonye beyisizwe, wabasakaza wonke umhlaba.  Bambulala nje odingane nomhlangana bathi baqeda khona lokho kushakaziseka kwabantu okwasekuqalisekise izwe. lgama likashaka lamlandela kwaze kwaba sekuferi.
UMpande!
Kwafika kwelikampande manje. lgama likampande nalo walibona ligcwaliseka ngezindlela eziningi.  UMpande nguyena impande yesizwe sakwazulu, ngoba nguye kuphela owazala.  Yena udingane benoshaka babengazali.  UMpande lo nguye osemise umuzi ngokuzala.  Useyimpande uqobo yesizwe sakwaZulu.  Lokho sekufakazelwa ukuqina kwakhe umpande ezweni, phezu kwemizamo eniiningi kadingane yokumbulaia.  Nakhu abe uyathe uyambulala angaphumeleli nempela.  Sekuze kube namhlanje umpande esekhona.  Nango-ke namhla esemviinbezela ehlangene nwnabhunu.  Wakubona kwaba sobala lokhu udingane ukuthi umpande usamelwe umsebenzi ornkhulu ainelwe ukuba awenze engakafi, agcwalise igama lakhe lobumpande besizwe sakwazulu.

106         UDINGANE KASENZANGAKHONA

Kuthe lapho esecabanga ngegama lakhe alibi, wajuluka waba manzi udingane.  Usebona impela ukuthi nelakhe lizogewaliseka namulila. lgaina elithi ngudingane lisho ukuthi wodinga ezweni, afele kude nezwe lakwazulu: nangu namhlanje .esebhace chlathini lakwahlathikhulu kwangwane-kasekho kwazulu: usesele obala: uyadinga.  Ngapha nangaphaya izitha zakhe zimbhekile, zifuna ukumbulala.

